8 Amahhashi aso anejubane kunezingwe,anonya kunezimpisi zakusihlwa;abamahhashi baso bayaqinisela;yebo, bavela kude abamahhashi baso,bandiza njengokhozi oluphuthuma ukudla.
9 Zonke zifikela indluzula,ubuso bazo bujonga phambili;zibutha abathunjwa njengesihlabathi.
10 Yebo, sibhinqa amakhosi,nababusi balusulu kuso;sihleka zonke izinqaba,sinqwabela uthuli, sizithathe.
11 Bese sikhukhula njengomoya, sidlule,sizitholele icala,sona esimandla aso angunkulunkulu waso.”
12 Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele,awungowasendulo na?Asiyikufa;Jehova, usinqumele ukwahlulelwa;wena Dwala, usimisele ukujeziswa.
13 Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi,ungenakubheka ukuhlanekezela,ubhekelani abakhohlisayo,uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,
14 wenze abantu babe njengezinhlanzi zaselwandle,njengezilwanyana ezinwabuzelayo ezingenambusi phezu kwazo na?