1 Ngiyakuma endaweni yami yokulinda,ngigcule enqabeni,ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kiminokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.
2 UJehova wangiphendula wathi:“Wulobe umbono,uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.
3 Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo;uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa;noma ulibala, wulindele,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza.
4 “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,awuqotho phakathi kwakhe,kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.