11 Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni,nomshayo uyakuwaphendula usemithini.
12 “Wo kowakha umuzi ngezingazi,aqinise idolobha ngobubi!
13 Bheka, akuveli kuJehova Sebawotiukuthi abantu bakhandlekela umlilo,izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?
14 Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova,njengamanzi asibekela ulwandle.
15 “Wo komphuzisa umngane wakhe,axube nokufutheka, amdakise,ukuze abuke ubunqunu bakhe!
16 Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo,uphuze nawe, wambule ijwabu,indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe,kube yihlazo phezu kodumo lwakho.
17 Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela,ukuchithwa kwezilwane kukwesabise,ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.