15 “Wo komphuzisa umngane wakhe,axube nokufutheka, amdakise,ukuze abuke ubunqunu bakhe!
16 Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo,uphuze nawe, wambule ijwabu,indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe,kube yihlazo phezu kodumo lwakho.
17 Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela,ukuchithwa kwezilwane kukwesabise,ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
18 “Sisizani isithombe esibaziweyo,lokhu umbumbi waso esibaza,nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga,lokhu umbumbi waso ethemba kuso,ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?
19 Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’Lokhu kungafundisa na?Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva,kungekho neze umoya phakathi kwakho.
20 Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele;thula phambi kwakhe,mhlaba wonke.”