4 “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,awuqotho phakathi kwakhe,kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
5 Yebo, iwayini liyakhohlisa,lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;unjengokufa: akasuthi;uyazibuthela zonke izizwe,uziqoqela bonke abantu.
6 “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhekoze kube nini na? --nozisindisa ngezibambiso!’
7 Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,bavuke abakuthuthumelisayo,ube yimpango yabo, na?
8 Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi,bonke abanye abantu bayakuphanga wena,ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
9 “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embiukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!
10 Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi,wona kuwo umphefumulo wakho.