9 “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embiukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!
10 Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi,wona kuwo umphefumulo wakho.
11 Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni,nomshayo uyakuwaphendula usemithini.
12 “Wo kowakha umuzi ngezingazi,aqinise idolobha ngobubi!
13 Bheka, akuveli kuJehova Sebawotiukuthi abantu bakhandlekela umlilo,izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?
14 Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova,njengamanzi asibekela ulwandle.
15 “Wo komphuzisa umngane wakhe,axube nokufutheka, amdakise,ukuze abuke ubunqunu bakhe!