10 Izintaba ziyakubona, zithuthumele;isikhukhula samanzi siyadlula;utwa luzwakalisa izwi lalo,luphakamisela phezulu izandla zalo.
11 Ilanga nenyanga kwema endaweni yakhongokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayonangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.
12 Udabula umhlaba ngokuthukuthela,ubhula izizwe ngolaka.
13 Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho,yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho;uphohloza uphahla endlini yababi,wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*
14 Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo,lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza,bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.
15 Unyathela ulwandle ngamahhashi akho,inqaba yamanzi amaningi.
16 Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami,izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo;ukubola kungena emathanjeni ami,ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona,ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhuokuyakucindezela abantu.