7 Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi,izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.
8 UJehova uyathukuthelela imifula na?Ulaka lwakho luvuthela imifula,nentukuthelo yakho ulwandle,lokhu ukhwele amahhashi akho,nezinqola zakho zokunqoba, na?
9 Umnsalo wakho uvele obala,wambuliwe,usuthile ngemicibisholo yesambo sakho. Sela*Uqhekeza umhlaba ube yimifula.
10 Izintaba ziyakubona, zithuthumele;isikhukhula samanzi siyadlula;utwa luzwakalisa izwi lalo,luphakamisela phezulu izandla zalo.
11 Ilanga nenyanga kwema endaweni yakhongokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayonangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.
12 Udabula umhlaba ngokuthukuthela,ubhula izizwe ngolaka.
13 Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho,yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho;uphohloza uphahla endlini yababi,wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*