11 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi:
12 Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ”Abapristi baphendula bathi: “Qha.”
13 Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?”Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”
14 Wayesethatha uHagayi, wathi: “ ‘Banjalo laba bantu, sinjalo lesi sizwe ngaphambi kwami,’ usho uJehova; ‘injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.
15 “ ‘Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje, kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova,
16 kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.
17 Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova.