19 Imbewu isesibuyeni na? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati,* neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.’ ”
20 Izwi likaJehova lafika ngokwesibili kuHagayi ngolwamashumi amabili nane lwenyanga, lathi:
21 “Yisho kuZerubabele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngiyakuzamazamisa amazulu nomhlaba,
22 ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.
23 “ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakukuthatha, Zerubabele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli,’ usho uJehova, ‘ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile,’ usho uJehova Sebawoti.”