5 Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami,utwa lwangikaka.Umhlanga wathandela ekhanda lami.
6 Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba;imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade.Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini,Jehova Nkulunkulu wami.
7 “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,ngamkhumbula uJehova;umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.
8 “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.
9 Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,ngigcwalise engikuthembisileyo.Ukusindiswa kukuye uJehova.”
10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.