1 Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi:
2 “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.”
3 Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.
4 UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.”
5 Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.
6 Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.