3 Kutsheleni abantwana benu,nabantwana benu abantwana babo,nabantwana babo esinye isizukulwane.
4 Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane,nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi,nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.
5 Phaphamani, zidakwa, nikhale,nihhewule nonke eniphuza iwayiniukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
6 Ngokuba kwenyukele ezweni lamiisizwe esinamandla nesingenakubalwa;amazinyo aso angamazinyo engonyama,namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.
7 Sichithile umvini wami,saxebula umkhiwane wami;siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla,amagatsha awo sawenza aba mhlophe.
8 Khala njengentombi ebhince indwangu yamasakangomyeni wobusha bayo.
9 Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwainqamukile endlini kaJehova;abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.