8 Khala njengentombi ebhince indwangu yamasakangomyeni wobusha bayo.
9 Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwainqamukile endlini kaJehova;abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.
10 Amasimu achithekile,umhlabathi uyalila,ngokuba amabele achithiwe;iwayini elisha lishile,amafutha ayawuma.
11 Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi beziviningokolweni nangebhali,*ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
12 Umvini ubunile,imikhiwane iwumile;imipomegranati,* namasundu,nemi-apula,*nemithi yonke yasendle kubunile,ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
13 Bhincani, nikhale, bapristi,nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,zikhonzi zikaNkulunkulu wami,ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwakugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
14 Ngcwelisani ukuzila ukudla,nibize umhlangano;buthani amalunga,yebo, bonke abakhe ezweni,endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,nikhale kuJehova.