1 Bethani icilongo eSiyoni,nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele;mabathuthumele bonke abakhe ezweni,ngokuba luyeza usuku lukaJehova,ngokuba lusondele;
2 usuku lobumnyama nolwesigayegaye,usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,njengokusa kwenekwe ezintabeni,abantu abaningi abanamandlaabangazange babe ngabanjalo kwasendulo,nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabokuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.
3 Phambi kwabo kuyadla umlilo,nasemva kwabo kushisa ilangabi;izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene,nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo,akukho okubabalekelayo.
4 Isimo sabo sinjengesimo samahhashi,bagijima njengabamahhashi.
5 Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba,njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibinanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.
6 Phambi kwabo abantu bayathuthumela,bonke ubuso buyaphaphatheka.