16 buthani abantu, ningcwelise ibandla,niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo;umyeni makaphume ekamelweni lakhe,nomakoti emgonqweni wakhe.
17 Abapristi, izikhonzi zikaJehova,mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi:“Hawukela abantu bakho, Jehova,unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba,ukuze abezizwe bababhinqe;yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi:‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
18 UJehova wayesehawukela izwe lakhe,wabahawukela abantu bakhe.
19 UJehova waphendula,wathi kubantu bakhe:“Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha,nisuthe ngakho,ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.
20 “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga,umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga,kukhuphuke ukunuka kwakhe,kwenyuke iphunga lakhe elibi;”ngokuba wenzile izinto ezinkulu.
21 Ungesabi, lizwe;jabula, uthokoze,ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.
22 Ningesabi, zilwane zasendle,ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,nemithi ithela izithelo,umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.