18 UJehova wayesehawukela izwe lakhe,wabahawukela abantu bakhe.
19 UJehova waphendula,wathi kubantu bakhe:“Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha,nisuthe ngakho,ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.
20 “Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga,umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga,kukhuphuke ukunuka kwakhe,kwenyuke iphunga lakhe elibi;”ngokuba wenzile izinto ezinkulu.
21 Ungesabi, lizwe;jabula, uthokoze,ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.
22 Ningesabi, zilwane zasendle,ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,nemithi ithela izithelo,umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.
23 Jabulani, bantwana baseSiyoni,nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,unehlisela imvula,eyokuqala neyamuva,njengasekuqaleni.
24 Izibuya ziyakugcwala amabele,nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.