22 Ningesabi, zilwane zasendle,ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,nemithi ithela izithelo,umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.
23 Jabulani, bantwana baseSiyoni,nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,unehlisela imvula,eyokuqala neyamuva,njengasekuqaleni.
24 Izibuya ziyakugcwala amabele,nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.
25 “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.
26 Niyakudla nokudla, nisuthe,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenuoniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
27 Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyelinokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,akakho omunye;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
28 “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,abadala benu baphuphe amaphupho,izinsizwa zenu zibone imibono;