24 Izibuya ziyakugcwala amabele,nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.
25 “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.
26 Niyakudla nokudla, nisuthe,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenuoniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
27 Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyelinokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,akakho omunye;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
28 “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,abadala benu baphuphe amaphupho,izinsizwa zenu zibone imibono;
29 naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsukungiyakuthulula uMoya wami.
30 Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.