3 Phambi kwabo kuyadla umlilo,nasemva kwabo kushisa ilangabi;izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene,nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo,akukho okubabalekelayo.
4 Isimo sabo sinjengesimo samahhashi,bagijima njengabamahhashi.
5 Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba,njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibinanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.
6 Phambi kwabo abantu bayathuthumela,bonke ubuso buyaphaphatheka.
7 Bagijima njengamaqhawe,bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,abaphambanisi izindlela zabo.
8 Abahlohlolozani omunye nomunye;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;baziphonsa phakathi kwezikhali,abakhawuli.
9 Batheleka emzini,bagijima ogangeni;bakhuphukela ezindlini,bangena ngamafasitele njengesela.