7 Bagijima njengamaqhawe,bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,abaphambanisi izindlela zabo.
8 Abahlohlolozani omunye nomunye;bahamba,kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;baziphonsa phakathi kwezikhali,abakhawuli.
9 Batheleka emzini,bagijima ogangeni;bakhuphukela ezindlini,bangena ngamafasitele njengesela.
10 Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,amazulu ayathuthumela;ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.
11 UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe,ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu,nowenza izwi lakhe unamandla;yebo, usuku lukaJehova lukhulu,luyesabeka kakhulu;ngubani ongaluthwala na?
12 “Kepha manje,” usho uJehova,“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,nangokuzila ukudla, nangokukhala,nangokulila.”
13 Niklebhule inhliziyo yenu,hhayi izingubo zenu,niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,ngokuba yena unomusa,unobumnene,wephuza ukuthukuthela,unesihe esikhulu,uhawukela nomubi.