1 “Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,
2 ngiyakubutha zonke izizwe,ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati,ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu baminesabelo sami u-Israyeli,ezibahlakazile phakathi kwezizwe,zabela izwe lami.
3 Zenza inkatho ngabantu bami,zanika umfana ngesifebe,zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini,zaliphuza.
4 “Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,