11 Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane,wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.
12 “Mabazivuse abezizwe,benyukele esigodini sikaJehoshafati,ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.
13 Fakani isikela,ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe;ngokuba isikhamo sewayini sigcwele,nezikhongozelo ziyachichima,ngokuba ububi babo bukhulu.”
14 Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela,ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.
15 Ilanga nenyanga kuba mnyama,izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.
16 UJehova uyaduma eseSiyoni,ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;izulu nomhlaba kuyazamazama,kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe,nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.
17 Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenuengihlala eSiyoni, intaba yami engcwele;iJerusalema liyakuba ngcwele,abafokazi abasayikulidabula.