18 “Kuyakuthi ngalolo sukuizintaba ziconse iwayini elimnandi,amagquma agobhoze ubisi,yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi;kuyakuvela umthombo endlini kaJehovaoyakunisela isigodi saseShithimi.
19 IGibithe liyakuba yincithakalo,u-Edomi abe yihlane lencithakalongenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda,ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.
20 Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade,neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane.
21 Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,”ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.