5 njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,
6 nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.
7 “Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.
8 Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.
9 Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe,ningcwelise impi,niwavuse amaqhawe;mawasondele,enyuke onke amadoda empi.
10 Khandani amakhuba enu abe yizinkemba,ocelemba benu babe yimikhonto,obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe.
11 Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane,wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.