7 “Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami.”Bese nithi: “Sikungcolise ngani na?”“Ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula likaJehova lidelelekile.’
8 Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
9 “Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
10 “Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.
11 Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.
12 “Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.’
13 Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.