6 “Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.
7 Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti.“Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’
8 “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga.“Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’“Ngokweshumi nangeminikelo.
9 Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke.
10 Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
11 Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.
12 “Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.