8 “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga.“Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’“Ngokweshumi nangeminikelo.
9 Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke.
10 Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
11 Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.
12 “Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.
13 “Amazwi enu ayelukhuni kimi,” usho uJehova.“Nokho nithi: ‘Sikhulumeni ngawe na?’
14 “Nithi: ‘Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?