9 UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala.
10 Bathi kuye: “Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!”
11 Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na?
12 Buyani, madodakazi ami, nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba, noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana,
13 beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”
14 Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye.
15 Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”