1 UNawomi uninazala wathi kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?
2 Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.
3 Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.
4 Kuyakuthi nxa eselala, uqaphele indawo ayakulala kuyo, ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.”
5 Wathi kuye: “Konke okushoyo ngiyakukwenza.”