10 Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.
11 Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.
12 Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.
13 Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”
14 Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”
15 Yayisithi: “Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe.” Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali,* yamthwesa lona, wangena emzini.
16 Wafika kuninazala; wathi yena: “Ungubani, ndodakazi yami?”Wamtshela konke leyo ndoda ebimenzele khona.