2 Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.
3 Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza.
4 Kuyakuthi nxa eselala, uqaphele indawo ayakulala kuyo, ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.”
5 Wathi kuye: “Konke okushoyo ngiyakukwenza.”
6 Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.
7 UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.
8 Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyo ndoda, yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.