17 Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.
18 Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi;
19 uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba;
20 u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni;
21 uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede;
22 u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.