6 Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.”
7 Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa-Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.
8 Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe.
9 UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.
10 NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”
11 Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;
12 indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.”