8 Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe.
9 UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.
10 NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”
11 Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema;
12 indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.”
13 UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.
14 Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli.