1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.
2 “Ngiyakuqothula nokuqothula konke,kusuke ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
3 “Ngiyakuqothula abantu nezilwane,ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle,ngikhubekise ababi,nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
4 “Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJudanaphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema,nginqume insali kaBali kule ndawo,negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,
5 nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu,nabakhuleka kuJehova bemfunga,befunga futhi uMilkomu,
6 nababuyile ekumlandeleni uJehova,nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.
7 Thula phambi kobuso beNkosi uJehova,ngokuba usuku lukaJehova luseduze;uJehova ulungisile umhlatshelo,ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.