14 “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze;luseduze, lushesha kakhulu;umsindo wosuku lukaJehova uyababa,neqhawe liyahhewula khona.
15 Lolo suku lungusuku lolaka,usuku lokuhlupheka nolosizi,usuku lwencithakalo nolokuyize,usuku lobumnyama nolwesigayegaye,usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
16 usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosingasemizini ebiyelweyonasemibhoshongweni yasezingosini.
17 Ngiyakucindezela abantu,bahambe njengezimpumputhe,ngokuba bonile kuJehova;igazi labo liyakuthululwa njengothuli,nenyama yabo njengomquba.
18 Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophulangosuku lwentukuthelo lukaJehova,kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe,ngokuba uyakuqeda,yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”