15 Lolo suku lungusuku lolaka,usuku lokuhlupheka nolosizi,usuku lwencithakalo nolokuyize,usuku lobumnyama nolwesigayegaye,usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
16 usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosingasemizini ebiyelweyonasemibhoshongweni yasezingosini.
17 Ngiyakucindezela abantu,bahambe njengezimpumputhe,ngokuba bonile kuJehova;igazi labo liyakuthululwa njengothuli,nenyama yabo njengomquba.
18 Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophulangosuku lwentukuthelo lukaJehova,kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe,ngokuba uyakuqeda,yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”