5 nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu,nabakhuleka kuJehova bemfunga,befunga futhi uMilkomu,
6 nababuyile ekumlandeleni uJehova,nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.
7 Thula phambi kobuso beNkosi uJehova,ngokuba usuku lukaJehova luseduze;uJehova ulungisile umhlatshelo,ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.
8 Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova,ngihambele izikhulu,namadodana enkosi,nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.
9 Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu,begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.
10 “Ngalolo suku,” usho uJehova,“kuyakuba khona izwi lokukhala,livela eSangweni Lezinhlanzi,nokuhhewula,kuvela eNxenyeni Yesibili,nokufahlazeka okukhulu,kuvela emagqumeni.
11 Hhewulani nina enakhe esiGqulweni,ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile,bonke abathweswe isiliva banqunyiwe.