3 Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlabaenisebenzile ukwahlulela kwakhe;funani ukulunga; funani ukuthobeka;mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
4 Ngokuba iGaza liyakushiywa,i-Ashikeloni libe yincithakalo;bayakulixosha i-Ashidodi emini,i-Ekroni lisishulwe.
5 Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle,isizwe samaKhereti!Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani,lizwe lamaFilisiti.“Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”
6 Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo,lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu.
7 Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda,yaluse kulo;ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa,ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela,abuyise ukuthunjwa kwabo.
8 “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabinezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami,bazikhulisela imikhawulo yabo.
9 Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti,uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma,nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora,izwe lezimbabazane nelemigodi kasawotinencithakalo yaphakade;insali yabantu bami iyakubaphanga,nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”