7 Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda,yaluse kulo;ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa,ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela,abuyise ukuthunjwa kwabo.
8 “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabinezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami,bazikhulisela imikhawulo yabo.
9 Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti,uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma,nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora,izwe lezimbabazane nelemigodi kasawotinencithakalo yaphakade;insali yabantu bami iyakubaphanga,nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
10 Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo,ngokuba bathukile,bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.
11 UJehova uyakwesabeka phezu kwabo,ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba,bakhuleke kuye,kube yilowo nalowo endaweni yakhe,zonke iziqhingi zezizwe.
12 “Nani maKusheniyakubulawa ngenkemba yami.”
13 Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho,achithe i-Asiriya,alenze iNineve libe yincithakalo,lome njengehlane.