10 Kusukela phesheya kwemifula yaseKusheabanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami,bayakuletha umnikelo wami.
11 Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakhoophambuke ngazo kimi,ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakhoabazidla ngokujabula,awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.
12 Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu;bayakwethemba igama likaJehova.
13 Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi,ingakhulumi amanga,kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo;yebo, bayakwaluka, babuthise,kungekho obesabisayo.”
14 Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni,umemeze, Israyeli,uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke,ndodakazi yaseJerusalema.
15 UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho,uxoshile izitha zakho.INkosi yakwa-Israyeli, uJehova,iphakathi kwakho;awusayikwesaba okubi.
16 Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema:“Ungesabi, Siyoni!Izandla zakho mazingadangali.