3 Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo;abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa;abashiyeli lutho ingomuso.
4 Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi;abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele,bawudlovulile umthetho.
5 UJehova ulungile phakathi kwawo,akenzi okubi;ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni,akuphuthi;kepha abangalungile abazi amahloni.
6 “Nginqumile izizwe,imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile;ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu;imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu,kungabikho ohlala kuyo.
7 Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba,wamukele ukulaywa.’Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa,kungenzeki konke engiwumisele khona;kepha bavuka ekuseni, benza okubi.
8 Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova,“kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange,ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso,ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami,lonke ulaka lwami oluvuthayo,ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
9 “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo,ukuze bonke babize igama likaJehova,bamkhonze nganhliziyonye.