8 Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova,“kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange,ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso,ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami,lonke ulaka lwami oluvuthayo,ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
9 “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo,ukuze bonke babize igama likaJehova,bamkhonze nganhliziyonye.
10 Kusukela phesheya kwemifula yaseKusheabanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami,bayakuletha umnikelo wami.
11 Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakhoophambuke ngazo kimi,ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakhoabazidla ngokujabula,awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.
12 Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu;bayakwethemba igama likaJehova.
13 Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi,ingakhulumi amanga,kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo;yebo, bayakwaluka, babuthise,kungekho obesabisayo.”
14 Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni,umemeze, Israyeli,uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke,ndodakazi yaseJerusalema.