1 Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila --
2 lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina --
3 lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.
4 Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele.