1 Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
2 yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.
3 Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.
4 Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;
5 kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;
6 lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
7 Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.