18 Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
19 Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.
20 Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.
21 Anginilobelanga ngokuba ningalazi iqiniso, kodwa ngokuba niyalazi nangokuba akukho manga avela eqinisweni.
22 Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.
23 Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.
24 Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni, makuhlale kinina. Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.