6 lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
7 Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.
8 Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.
9 Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu.
10 Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye;
11 kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.
12 Ngilobela nina bantwanyana, ngokuba nithethelelwe izono ngenxa yegama lakhe.