4 NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
5 Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.
6 Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.
7 Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.
8 Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
9 Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.
10 Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.