10 Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina,
11 bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;
12 abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.
13 Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
14 Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,
15 kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,
16 ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”